ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 30


Isahluko 30

AbeZizwe abaphendukile bayobalwa kanye nabantu besivumelwano—Amaningi amaLamani kanye namaJuda ayolikholwa izwi futhi athandeke—U-Israyeli uyobuyiselwa futhi ababi babhujiswe. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje bhekani, bafowethu abathandekayo, ngizokhuluma kini; ngokuba mina, Nefi, anginakuvuma ukuthi nicabange ukuthi nilunge kakhulu kunalokho abeZizwe abayoba yikho. Ngokuba bhekani, ngaphandle kokuthi nigcine imiyalelo kaNkulunkulu nonke ngokufanayo niyolahleka; futhi ngenxa yamazwi akhulunyiwe akudingi nicabange ukuthi abeZizwe babhujisiwe baphela nya.

2 Ngokuba bhekani, ngithi kini ngangobuningi babeZizwe abayophenduka bayokuba angabantu besivumelwano beNkosi; futhi ngobuningi bbamaJuda abangeyukuphenduka bayolahlwa; ngokuba iNkosi ayenzi sivumelwano namunye ngaphandle kwalabo cabaphendukayo futhi bakholwe kuyo iNdodana yayo, engoNgcwele ka-Israyeli.

3 Manje, sengizophrofetha ikakhulukazi mayelana namaJuda kanye nabeZizwe. Ngokuba emva kokuba incwadi engikhulume ngayo iyovela, futhi ibhalelwe abeZizwe, futhi iphinde ivalelwe eNkosini, kuyoba khona abaningi aabayowakholwa lawo mazwi abhaliwe; futhi bbayowathatha bawayise kuyo insalela yenzalo yethu.

4 Futhi emva kwalokho insalela yenzalo yethu iyokwazi mayelana nathi, ukuthi saphuma kanjani eJerusalema, futhi nokuthi yona iwuzalo lwamaJuda.

5 Futhi ivangeli likaJesu Kristu liyomenyezelwa phakathi akwabo; ngalokho-ke, bbayobuyiselwa colwazini loyise, futhi ngokunjalo nasolwazini lukaJesu Kristu, owayekhona phakathi koyise.

6 Futhi emva kwalokho bayothokoza; ngokuba bayokwazi ukuthi kuyisibusiso kubo esivele esandleni sikaNkulunkulu; futhi izingqweqwe zabo zobumnyama ziyoqala ukuwa emehlweni abo; futhi eziningi izizukulwane aziyikudlula phakathi kwabo, ngaphandle kokuthi bayoba ngabantu abamsulwa futhi anabathandekayo.

7 Futhi kuyokwenzeka ukuthi aamaJuda ahlakazekile nawo bayoqala ukukholwa kuKristu; futhi ayoqala ukubuthana phezu kobuso balelizwe; futhi ngangobuningi balabo abayokholwa kuKristu nabo bayokuba ngabantu abathandekayo.

8 Futhi kuyokwenzeka ukuthi iNkosi uNkulunkulu iyowuqala umsebenzi wayo phakathi kwazo zonke izizwe, imindeni, izilimi, nakubantu, ukuletha ukubuyiselwa kwabantu bayo emhlabeni.

9 Futhi ngokulunga aiNkosi uNkulunkulu biyobahlulela abampofu, futhi isole ngokulingana cabathobileyo bomhlaba. Futhi iyowushaya umhlaba ngenduku yomlomo wayo; nangomphefumulo wezindebe zayo iyobabulala ababi.

10 Ngokuba aisikhathi siyeza masinyane lapho iNkosi uNkulunkulu iyokwenza bukwahlukana okukhulu phakathi kwabantu, futhi ababi iyobabhubhisa; futhi ciyobasindisa abantu bayo, yebo, ngisho noma ngabe kungukuthi kufanele dibhubhise ababi ngomlilo.

11 Futhi aukulunga kuyoba yibhande lezinkalo zayo, nokuthembeka yibhande lamanyonga ayo.

12 aFuthi ngaleso sikhathi impisi iyohlala nemvu; futhi ingwe iyolala phansi nomntwana, kanye nenkonyane, kanye nomntwana webhubesi, kanye nokukhuluphalisiweyo, ndawonye; futhi ingane encane iyozihola.

13 Inkomazi kanye nebhele kuyoklaba; abancane bazo bayolala phansi ndawonye; futhi ibhubesi liyodla utshani njengenkabi.

14 Umntwana oncelayo uyodlala emgodini webululu, futhi umntwana olunyuliweyo uyofaka isandla sakhe emhhumeni kamantshingeyana.

15 Abayikulimaza noma babhubhise kuyo yonke intaba yami engcwele; ngokuba umhlaba uyogcwala ulwazi lweNkosi njengamanzi emboze ulwandle.

16 Ngalokho-ke, izinto azezizwe zonke ziyokwembulwa; yebo, zonke izinto bziyokwembulwa kubantwana babantu.

17 Akukho lutho oluyimfihlo ngaphandle kokuthi aluyovezwa; akukho msebenzi wobumnyama ngaphandle kokuthi uyokwenziwa ubonakale ekukhanyeni; futhi akukho lutho oluboshwe emhlabeni ngaphandle kokuthi luyokhululwa.

18 Ngalokho-ke, zonke izinto ezavezelwa abantwana babantu kuyokuthi ngalolo suku zambulwe; futhi uSathane aakaseyikuba namandla phezu kwezinhliziyo zabantwana babantu, isikhathi eside. Manje, bafowethu abathandekayo, sengenza isiphetho senkulumo yami.