Amasu Okufunda
AmaJuda


AmaJuda

AmaJuda kungaba (1) wuzalo lukaJuda, omunye wamadodana ayishumi nambili kaJakobe, (2) ngabantu bombuso wakwaJuda oseningizimu wasemandulo, noma (3) ngabantu abenza imikhuba yenkolo, neyendlela yokuphila, kanye neyosiko lobuJuda kodwa okungenzeka babe ngabozalo lwabaJuda noma abangesibo. Sekujwayelekile ukusebenzisa igama elithi umJuda uma kubhekiswe ozalweni lukaJakobe, kodwa lokhu kuyiphutha. Kufanele leligama libhekiswe kuphela kulabo abangabombuso wakwaJuda noma, ikakhulukazi namhlanje, labo abangabesizwana sikaJuda kanye nalabo ahlangene nabo.