Amasu Okufunda
Elisha


Elisha

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala womBuso wakwa-Israyeli owawuseNyakatho futhi nomeluleki othembekile wamakhosi ambalwa alelolizwe.

U-Elisha wayenesimilo esinesizotha futhi nesithandekayo, engenayo leyantshisekelo evuthayo induna yakhe, u-Eliya, eyayaziwa ngayo. Izimangaliso zakhe ezazidumile (Ⅱ AmaKh. 2–5; 8) zifakaza ukuthi ngempela wawathola amandla ka-Eliya ngesikhathi emlandela njengomphrofethi (Ⅱ AmaKh. 2:9–12). Isibonelo, welapha amanzi omthombo obabayo, wehlukanisa amanzi oMfula iJordani, wandisa amafutha omfelokazi, wavusa umfana kwabafileyo, welapha indoda enochoko, wenza imbazo yensimbi ukuba intante, futhi washaya abaseSiriya ngobumpumputhe (Ⅱ AmaKh. 2–6). Ubufundisi bakhe baba yiminyaka eyevile emashumini amahlanu ngezikhathi zokubusa kukaJehoramu, uJehu, uJehowahazi, futhi noJowashi.