Amasu Okufunda
Izulu


Izulu

Ibizo elithi izulu linezincazelo ezimbili ezibalulekile emibhalweni engcwele. (1) Yindawo lapho kuhlala khona uNkulunkulu futhi nekhaya lakusasa labaNgcwele (Gen. 28:12; AmaH. 11:4; Math. 6:9). (2) Wumkhathi ozungeze umhlaba (Gen. 1:1, 17; Eks. 24:10). Ngokucacileyo izulu akuyona iparadisi, okuyindawo yesikhashana yemimoya yalabo abathembekileyo abebephila futhi nabafe kulomhlaba. UJesu wayihambela iparadisi emuva kokufa kwakhe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu, watshela uMariya ukuthi wayengakayi kuBaba (Luka 23:39–44; Joh. 20:17; Mf&V 138:11–37).