Amasu Okufunda
Abrahama


Abrahama

Yindodana kaThera, eyazalelwa e-Uri lamaKaledi (Gen. 11:26, 31; 17:5). Ngumphrofethi weNkosi iNkosi eyenza naye izivumelwano zaphakade, izizwe zonke zomhlaba ezibusisekayo ngazo. Kuqala u-Abrahama wayebizwa ngokuthi ngu-Abrama.

Incwadi ka-Abrahama

Yimibhalo yakudala eyabhalwa ngu-Abrahama eyaba ngeyeBandla ngonyaka ka 1835. Lemibhalo kanye nezidumbu ezigqunyiswe ngemithi yatholwa ngu-Antonio Lebolo isemathuneni akhiweyo angaphansi komhlaba aseGibithe, owayinikeza uMichael Chandler ngencwadi yefa. UChandler wabukisa ngayo eMelika ngonyaka ka 1835. Abangani abathile baJoseph Smith bayithenga lemibhalo kuChandler futhi bayinikeza umPhrofethi, owayihumusha. Eminye yalemibhalo isiyatholakala manje kwiGugu leNani eliKhulu.

Esahlukweni sokuqala kubhalwe lokho okwabonwa ngu-Abrahama e-Uri lamaKaledi, lapho abaphristi abakhohlakeleyo bazama ukumenza umhlatshelo. Isahluko sesibili sikhuluma ngohambo lwakhe oluya eKhanani. INkosi yavela kuye futhi yenza izivumelwano naye. Esahlukweni sesithathu kubhalwe ukuthi u-Abrahama wabona umhlaba wonke nezulu futhi waba nokuqonda ngobudlelwane phakathi kwezinkanyezi zezulu. Esahlukweni sesine kuya kwesesihlanu kukhona enye indaba ngokuDalwa.

Inzalo ka-Abrahama

Ngabantu abathola izethembiso nezivumelwano ezenziwa nguNkulunkulu ku-Abrahama, ngokuhlonipha imithetho nezimiso zevangeli likaJesu Kristu. Abesilisa nabesifazane bangazithola lezi zibusiso uma bengabozalo luka-Abrahama ngempela noma uma beba ngabomndeni ka-Abrahama ngokwemukela ivangeli nangokuthi babhabhadiswe (Gal. 3:26–29; 4:1–7; Mf&V 84:33–34; 103:17; 132:30–32; Abr. 2:9–11) Abesizukulwane ngempela sika-Abrahama bangalahlekelwa yizibusiso zabo ngokungahloniphi (Roma 4:13; 9:6–8).