ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 2


Isahluko 2

U-Abrahama uyahamba e-Uri uya eKhanani—UJehova uvela kuye eHarana—Zonke izibusiso zevangeli zithenjiswa enzalweni yakhe futhi ngenzalo yakhe kubo bonke—Uya eKhanani futhi uqhubekela eGibithe.

1 Manje iNkosi uNkulunkulu yenza indlala ukuba indlange kakhulu ezweni lase-Uri, kangangoba auHarana, umfowethu, wafa; kodwa buThera, ubaba, waqhubeka nokuhlala ezweni lase-Uri, lamaKaledi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi mina, u-Abrahama, ngathatha auSarayi ukuba abe ngumfazi wami, futhi no bNahori, umfowethu, wathatha uMilka ukuba abe ngumfazi wakhe, nowaye yindodakazi kaHarana.

3 Manje iNkosi ayayithe kimi: Abrahama, phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.

4 Ngakho-ke ngalishiya izwe lase-aUri, lamaKaledi, ukuze ngiye ezweni laseKhanana; futhi ngathatha uLoti, indodana yomfowethu, nomfazi wakhe, noSarayi umfazi wami; futhi no bbaba wangilandela, saya ezweni esaliqamba ngokuthi yiHarana.

5 Futhi indlala yancipha; futhi ubaba wasala eHarana futhi wahlala lapho, njengoba kwakunemihlambi eminingi eHarana; futhi ubaba wabuyela ekukhonzeni kwakhe aizithixo, ngakho-ke waqhubeka nokuhlala eHarana.

6 Kodwa mina, u-Abrahama, no aLoti, indodana kamfowethu, sakhuleka eNkosini, futhi iNkosi byavela kimi, futhi yathi kimi: Vuka, futhi uthathe uLoti ahambe nawe; ngokuba ngihlose ukukukhipha uphume eHarana, futhi nokuba ngikwenze umshumayeli ukuze ufakaze nge cgama lami dezweni ongalaziyo engizolinika inzalo yakho emuva kwakho libe yifa laphakade, uma belilalela izwi lami.

7 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho; ngihlala ezulwini; umhlaba aisenabelo sezinyawo zami; ngelulela isandla sami phezu kolwandle, futhi lilalele izwi lami; ngenza umoya nomlilo kube byinqola yami; ngithi ezintabeni—Sukani manje—futhi bheka, ziyasuswa yisivunguvungu somoya, ngokuphazima kweso, masinyane.

8 Igama lami ngingu aJehova, futhi bngiyasazi isiphetho kusuka ekuqaleni; ngakho-ke isandla sami siyokuba phezu kwakho.

9 Futhi ngizokwenza isizwe esikhulu, futhi ngizoku abusisa kakhulu, futhi ngenze igama lakho libe likhulu phakathi kwezizwe zonke, futhi uyokuba yisibusiso enzalweni yakho emuva kwakho, ukuthi ezandleni zabo bayoletha lobu bufundisi no bbuPhristi ezizweni zonke;

10 Futhi ngizobabusisa ngegama lakho; ngokuba ngobuningi balabo abayokwemukela leli aVangeli bayobizwa ngegama lakho, futhi bayobalwa njenge bnzalo zakho, futhi bayophakama futhi bakubusise, njengo cyise;

11 Futhi ngizoba abusisa labo abakubusisayo, futhi ngibaqalekise labo abakuqalekisayo; futhi kuwe (okungukuthi, kubuPhristi bakho) nakuyo binzalo yakho (okungukuthi, ubuPhristi bakho), ngokuba ngikunika isethembiso sokuthi leli clungelo liyohlala likuwe, nakuyo inzalo yakho emuva kwakho (okungukuthi, inzalo yakho uqobo, noma inzalo yomzimba) imindeni yonke yomhlaba iyobusiswa, ngisho nangezibusiso zeVangeli, okuyizibusiso zensindiso, ngisho ukuphila okuphakade.

12 Manje, emuva kokuba iNkosi isiyekile ukukhuluma kimi, futhi yabususa ubuso bayo kimi, ngathi enhliziyweni yami: Inceku yakho iku afunile ngenhliziyo yayo; manje sengikufumene;

13 Uthumelile ingelosi yakho ukuba inzongi akhulula konkulunkulu ba-Elkena, futhi kuzoba kuhle kimi ukuba ngililalela izwi lakho, ngakho-ke inceku yakho mayisukume futhi ihambe ngokuthula.

14 Ngakho-ke mina, u-Abrahama, ngahamba njengoba iNkosi yayishilo kimi, noLoti wahamba nami; futhi mina, u-Abrahama, ngase ngineminyaka aengamashumi ayisithupha nambili ubudala ngesikhathi ngihamba eHarana.

15 Futhi ngathatha auSarayi, engamenza umfazi wami ngisese bUri, eKalediya, noLoti, indodana yomfowethu, nempahla yonke esase siyiqoqile, nabantu esase csibazuzile eHarana; saphuma sahamba endleleni eya ezweni lase dKhanana, futhi sahlala ematendeni ngesikhathi sisahamba endleleni yethu;

16 Ngakho-ke, iphakade kwakuyisivikelo sethu ne adwala lethu nensindiso yethu, ngesikhathi sihamba sisuka eHarana sidlula ngendlela yaseJereshoni, ukuza ezweni laseKhanana.

17 Manje mina, u-Abrahama, ngakha ai-altare ezweni laseJereshoni, futhi ngenza umnikelo eNkosini, futhi ngakhulekela ukuthi bindlala isuswe endlini kababa, ukuze bangafi.

18 Futhi sadlula sisuka eJereshoni phakathi nezwe saya endaweni yaseShekemi; yayingasemathafeni aseMore, futhi sase sifike emingceleni yezwe la amaKhanana, futhi ngenza bumnikelo lapho emathafeni aseMore, futhi ngakhuleka eNkosini ngokushisekela, ngokuba sase sifikile ezweni lesizwe esikhonza izithixo.

19 Futhi iNkosi yavela kimi ukuphendula imikhuleko yami, futhi yathi kimi: aLelizwe ngizolinika inzalo yakho.

20 Futhi mina, u-Abrahama, ngasukuma endaweni ye-altare engangilakhele iNkosi, futhi ngasuka ngaleso sikhathi ngaya entabeni eyayisempumalanga ye aBethele, futhi ngagxumeka itende lami lapho, iBhethele ingasentshonalanga, futhi i-bAyi ingasempumalanga; futhi lapho ngakhela iNkosi elinye i-altare, ngaphinde ngali cbiza futhi igama leNkosi.

21 Futhi mina, u-Abrahama, ngahamba, ngiqhubeka ngiya ngaseningizimu; futhi lapho kwakusaqhubeka indlala ezweni; futhi mina, u-Abrahama, ngathatha isinqumo sokuya ezansi eGibithe, ukuyohlala isikhashana lapho, ngokuba indlala yadlanga kakhulu.

22 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sengisondela ukungena eGibithe, iNkosi yakhi kimi: Bheka, auSarayi, umfazi wakho, ungowesifazane omuhle kakhulu obukekayo;

23 Ngakho-ke kuyokwenzeka, uma abaseGibithe bembona, bayothi—Ungumkakhe; futhi bazokubulala, kodwa bayoyisindisa eyakhe impilo; ngakho-ke qinisekani ukuthi nenza kanje:

24 Makathi kumaGibithe, ungudadewenu, futhi wena uyophila.

25 Futhi kwenzeka ukuthi mina, u-Abrahama, ngamtshela uSarayi, umfazi wami, konke lokho iNkosi eyayikushilo kimi—Ngakho-ke thana kubo, ngiyakucela, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, futhi ngiyophila ngenxa yakho.