Amasu Okufunda
Umnikelo


Umnikelo

Ezinsukwini zasemandulo, umnikelo wawusho ukwenza okuthile noma umuntu othile abe ngcwele. Babevame ukulisebenzisa leligama ukubhekisa eminikelweni noma eminikelweni eshisiwe. Manje selisho ukudela noma ukuzwa ubuhlungu bokulahlekelwa yizinto zasemhlabeni ukwenzela iNkosi kanye nombuso Wayo, njengesikhathi, amathalente, kanye nezimpahla ukusiza abampofu kanye nokuba kufezwe nezinye izizathu ezibalulekile. Amalungu eBandla kufanele avume ukunikelela iNkosi zonke izinto. UJoseph Smith wafundisa ukuthi “inkolo engafuni umnikelo wazo zonke izinto ayinawo amandla okuveza ukholo oludingekayo empilweni kanye nasensindisweni.” Ngokubuka kwaphakade, izibusiso ezitholakala ngokunikela zinkulu kunanoma yini edeliweyo.

Emuva kokuba u-Adamu kanye no-Eva bakhishwa eNsimini yase-Edene, iNkosi yabanika umthetho womnikelo. Lomthetho wawuhlanganisa umhlatshelo wezibulo lemihlambi yabo. Lomnikelo wawuluphawu lomnikelo owawuzokwenziwa yiNdodana kaNkulunkulu eZelwe Yodwa (Mose 5:4–8). Lomkhuba waqhubeka kwaze kwaba ngukufa kukaJesu Kristu, okwaqeda ukunikelwa kwezilwane njengesimiso sevangeli (Alima 34:13–14). EBandleni namhlanje amalungu athatha isidlo esingcwele sesinkwa kanye namanzi ukukhumbula umnikelo kaJesu Kristu. Amalungu eBandla likaKristu namhlanje futhi acelwa ukuba anikele ngomnikelo wenhliziyo ephukileyo kanye nomoya odabukileyo (3 Nefi 9:19–22). Lokhu kusho ukuthi bathobekile, bangabaphendukayo, futhi bayavuma ukuthobela imiyalelo kaNkulunkulu.