Amasu Okufunda
Umlando wesizukulwane


Umlando wesizukulwane

Ngumbhalo okhombisa uhla lwesizukulwane emndenini. Lapho kwakutholakala ukuthi izikhundla zobuphristi noma izibusiso ezithile zazibekelwe umndeni othile, imilando yezizukulwane emibhalweni engcwele yayibaluleke kakhulu (Gen. 5; 10; 25; 46; Ⅰ IziKr. 1–9; Ezra 2:61–62; Neh. 7:63–64; Math. 1:1–17; Luka 3:23–38; 1 Nefi 3:1–4; 5:14–19; Jaromu 1:1–2). EBandleni eselibuyiselwe namhlanje, amalungu eBandla aqhubeka nokucwaninga uhla lwezizukulwane zemindeni yawo, ngenye inhloso ukuze athole kahle okhokho babo asebafa ukuze babenzele izimiso ezisindisayo. Lezi zimiso zinamandla kulabo bantu asebafa abemukela ivangeli likaJesu Kristu ezweni lemimoya (Mf&V 127–128).