Amasu Okufunda
Igazi


Igazi

Lithathwa ngabakwa-Israyeli basemandulo futhi nezizwe eziningi namhlanje njengomnyombo wempilo noma amandla empilo yenyama yonke. Ngezikhathi zeTestamente eliDala iNkosi yabenqabela abakwa-Israyeli ukuba badle igazi njengokudla (Lev. 3:17; 7:26–27; 17:10–14).

Amandla enhlawulo yomnikelo ayesegazini ngoba igazi lalithathwa njengento efunekayo empilweni. Umnikelo wesilwane eTestamenteni eliDala wawuluphawu lomnikelo omkhulu owenziwa kamuva nguJesu Kristu (Lev. 17:11; Mose 5:5–7). Igazi likaJesu Kristu elihlawulayo liyamhlanza ophendukileyo esonweni (Ⅰ Joh. 1:7).