Ukuphumula Bheka futhi isihloko esithi Ukuthula; Usuku lweSabatha Wukuthokozela ukuthula kanye nenkululeko ekukhathazekeni kanye nasekuphazamisekeni. INkosi isithembise ukuphumula okunjena kubalandeli Bayo abathembekileyo ngesikhathi salempilo. Futhi isibalungisele indawo yokuphumula empilweni elandelayo. Ubukhona bami buyohamba nawe, futhi ngizokunika ukuphumula, Eks. 33:14. Zanini kimi, nina nonke enisindwayo, futhi ngizoniphumuza, Math. 11:28–29. Sasebenza ukuze bangene ekuphumuleni kwakhe, Jakobe 1:7 (Heb. 4:1–11). Lowo ophendukayo uyongena ekuphumuleni kwami, Alima 12:34. Babebaningi kakhulu, abenziwa babamsulwa, futhi abangena ekuphumuleni kweNkosi, Alima 13:12–16. Iparadesi yisimo sokuphumula, Alima 40:12 (Alima 60:13). Akukho okungena ekuphumuleni kwakhe ngaphandle kwalabo asebegeze izingubo zabo egazini lami, 3 Nefi 27:19. Shumayela ukuphenduka kulaba bantu, ukuze uphumule nabo embusweni kaBaba, Mf&V 15:6 (Mf&V 16:6). Labo abafayo bayophumula emisebenzini yabo yonke, Mf&V 59:2 (IsAmb. 14:13). Ukuphumula kweNkosi wukuphelela konke kwenkazimulo yayo, Mf&V 84:24.