Amasu Okufunda
Habakuki


Habakuki

Ngumphrofethi weTestamente eliDala kwaJuda owakhuluma ngokugcwala isono kwabantu cishe ngesikhathi sokubusa kukaJehoyakini (cishe ngonyaka wamakhulu ayisithupha ngaphambi kokuzalwa kukaKristu).

Incwadi kaHabakuki

Isahluko 1 yingxoxo phakathi kweNkosi kanye nomphrofethi Wayo, efanayo nalezo ezikuJeremiya 12 kanye naseMfundisweni neziVumelwano 121. UHabakuki wayekhathazekile ngokuthi abakhohlakeleyo kuba sengathi bayaphumelela. Esahlukweni 2 iNkosi yaluleka uHabakuki ukuba abekezele—umuntu olungileyo kufanele afunde ukuphila ngokholo. Isahluko 3 sibhale ngomkhuleko kaHabakuki lapho evuma khona ukulunga kukaNkulunkulu.