Amasu Okufunda
Mesiya


Mesiya

Wuhlobo lwegama lesi-Aramu kanye nesiHeberu elisho ukuthi “ogcotshiweyo.” ETestamenteni eliSha uJesu ubizwa ngokuthi nguKristu, okuyigama lesiGriki elifana nelikaMesiya. Lisho ukuthi ngogcotshiweyo umPhrofethi, umPhristi, iNkosi, kanye nomKhululi ukuza kwakhe okwakulindelwe kakhulu ngabaJuda.

AmaJuda amaningi ayefuna kuphela owayezobakhulula emandleni amaRoma futhi nokuthuthuka okukhudlwana ngokwezwe; ngaleyondlela, ngesikhathi uMesiya eza, abaholi kanye nabanye abaningi bamenqaba. Ngabathobekileyo kanye nabathembekileyo kuphela abakwazi ukubona kuJesu waseNazaretha uKristu weqiniso (Isaya 53; Math. 16:16; Joh. 4:25–26).