Amasu Okufunda
AbaSadusi


AbaSadusi

Yiqembu elincane kodwa elinamandla ngokuphathenele nokuphathwa kwezwe phakathi kwamaJuda. Mhlawumbe babaziwa kakhulu ngenkolelo yabo eqinile yokuthobela okulotshiweyo uqobo emthethweni kaMose futhi nangokwenqaba ukubakhona ngempela kwemimoya kanye nezingelosi futhi nezimfundiso zoVuko kanye nokuphila okuphakade (Marku 12:18–27; IzE. 4:1–3; 23:7–8).