Amasu Okufunda
Rubeni


Rubeni

ETestamenteni eliDala, yindodana endala kunabo bonke kaJakobe kanye noLeya (Gen. 29:32; 37:21–22, 29; 42:22, 37). Nakuba uRubeni wayeyizibulo, walahlekelwa wubuzibulo bakhe ngenxa yesono (Gen. 35:22; 49:3–4).

Isizwana sikaRubeni

Isibusiso sikaJakobe kuRubeni sitholakala kuGenesise 49:3 kanye nakuDuteronomi 33:6. Ubuningi besizwana bancipha kancane kancane, futhi nakuba isizwana saqhubeka nokuba khona, saba ngesingabalulekile ngokuphathelene nokuphathwa kwezwe. Ubuzibulo bukaRubeni baya kuJosefa kanye namadodana akhe ngoba uJosefa wayeyindodana eyizibulo yomfazi kaJakobe wesibili, uRaheli (Ⅰ IziKr. 5:1–2).