Amasu Okufunda
Eliya


Eliya

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala owabuya ngezinsuku zokugcina ukuzonika izikhiye zamandla okubopha kuJoseph Smith no-Oliver Cowdery. Ngezinsuku zakhe, u-Eliya wayengumfundisi emBusweni wakwa-Israyeli owawuseNyakatho (Ⅰ AmaKh. 17–22; Ⅱ AmaKh. 1–2). Wayenokholo olukhulu eNkosini futhi uyakhunjulwa ngezimangaliso eziningi. Ngokucela kwakhe, uNkulunkulu wavimbela imvula iminyaka emithathu nengxenye. Wavusa umfana kwabafileyo futhi wabiza umlilo ezulwini (Ⅰ AmaKh. 17–18). AmaJuda asamlindele u-Eliya ukuba abuye, njengoba uMalaki aphrofetha ngokuthi uyobuya (Mal. 4:5). Uhlala eyisimenywa emaDilini ePhasika amaJuda, lapho ehlala elindelwe wumnyango ovulekile nesihlalo esingenamuntu.

Umphrofethi uJoseph Smith wathi u-Eliya wayenamandla okubopha obuPhristi bukaMelkisedeki futhi ungumphrofethi wokugcina owaba nalawomandla ngaphambi kwesikhathi sikaJesu Kristu. Wabonakala eNtabeni yokuGuqulwa enoMose futhi wanika izikhiye zobuphristi kuPetru, nakuJakobe, futhi nakuJohane (Math. 17:3). Wabuye wabonakala futhi, enoMose nabanye, ngomhlaka 3 ku-Epreli 1836, eThempelini laseKirtland e-Ohio futhi wanika izikhiye ezifanayo kuJoseph Smith no-Oliver Cowdery (Mf&V 110:13–16). Konke lokhu kwakwenzelwa ukulungiselela ukuZa kwesiBili kweNkosi, njengoba kukhulunywa ngakho kuMalaki 4:5–6.

Amandla ka-Eliya ngamandla okubopha obuphristi ngawo izinto eziboshiweyo noma ezikhululiweyo emhlabeni ziyaboshwa noma zikhululwe ezulwini (Mf&V 128:8–18). Izinceku ezikhethiweyo zeNkosi emhlabeni namuhla zinawo lamandla okubopha futhi zenza izimiso zensindiso zevangeli zabaphilayo futhi nezabafileyo (Mf&V 128:8).