Amasu Okufunda
Johane, indodana kaZebedewu


Johane, indodana kaZebedewu

Ngomunye wabaPhostoli abaliShumi namBili eTestamenteni eliSha, yindodana kaZebedewu, futhi ngumfowabo kaJakobe. Empilweni yakhe yobusha wayengumdobi (Marku 1:17–20). Mhlawumbe nguye lomfundi ongenagama kaJohane umBhabhadisi oshiwoyo kuJohane 1:40. Kamuva wathola ubizo lokuba ngumfundi kaJesu Kristu (Math. 4:21–22; Luka 5:1–11). Wabhala iVangeli likaJohane, izincwadi ezintathu, kanye nencwadi yesAmbulo. Wayengomunye wabathathu ababeneNkosi kuvuswa indodakazi kaJayiru (Marku 5:35–42), eNtabeni yokuGuqulwa (Math. 17:1–9), kanye naseGetsemane (Math. 26:36–46). Emibhalweni yakhe uqobo uma ebhekise kuye uthi ungumfundi uJesu owayemthanda (Joh. 13:23; 21:20) futhi “nakulowomfundi omunye” (Joh. 20:2–8). UJesu wabiza yena kanye nomfowabo ngokuthi oBowanergesi, “amadodana okuduma” (Marku 3:17). Kukhulunywa ngaye kaningi endabeni yokuBethelwa kanye neyoVuko (Luka 22:8; Joh. 18:15; 19:26–27; 20:2–8; 21:1–2). Kamuva uJohane wadingiselwa ePhatmose, lapho abhalela khona incwadi yesaMbulo (IsAmb. 1:9).

UJohane uyaphathwa kaningi esambulweni sezinsuku zokugcina (1 Nefi 14:18–27; 3 Nefi 28:6; Etere 4:16; Mf&V 7; 27:12; 61:14; 77; 88:141). Lezi zahlukwana ziyawuqinisa umbhalo oseBhayibhelini kaJohane futhi zinika ukuba kubonwe okusithekileyo ngobukhulu bakhe kanye nokubaluleka komsebenzi iNkosi emnike ukuba awenze emhlabeni ngezikhathi zeTestamente eliSha kanye nasezinsukwini zokugcina. Imibhalo yezinsuku zokugcina iyacacisa ukuthi uJohane akazange afe kodwa wavunyelwa ukuba aphile emhlabeni njengenceku ethunywayo kuze kufike isikhathi sokuZa kwesiBili kweNkosi (Joh. 21:20–23; 3 Nefi 28:6–7; Mf&V 7).

Izincwadi zikaJohane

Nakuba umbhali walezi zincwadi ezintathu engazisho igama lakhe, ulimi lufana kakhulu nalolo olukaJohane umPhostoli kangangoba kuthiwa wazibhala zontathu zonke.

U Ⅰ Johane 1 uyala abaNgcwele ukuba bathole ukuhlanganyela noNkulunkulu. Isahluko 2 sigcizelela ukuba abaNgcwele bamazi uNkulunkulu ngokumthobela futhi sibayala ukuba bangawuthandi umhlaba. Isahluko 3 sibiza bonke ukuba babe ngabantwana baNkulunkulu futhi nokuba bathandane. Isahluko 4 sichaza ukuthi uNkulunkulu uluthando futhi nokuthi uhlala kulabo abamthandayo. Isahluko 5 sichaza ukuthi abaNgcwele bazalwa ngokukaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.

U Ⅱ Johane uyafana no Ⅰ Johane. Kuyo uJohane uyajabula ngenxa yokuthembeka kwabantwa be “nkosikazi ekhethiweyo.”

U Ⅲ Johane utusa umuntu okuthiwa nguGayu ngokuthembeka kwakhe futhi nokusiza labo abathanda iqiniso.

IVangeli likaJohane

Kulencwadi yeTestamente eliSha, uJohane umPhostoli wafakaza ukuthi (1) uJesu unguKristu noma unguMesiya nokuthi (2) uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu (Joh. 20:31). Konke okwenzekayo empilweni kaJesu akuchazayo kukhethwe kahle futhi kwahlelwa ngalenhloso. Incwadi iqala ngokushiwoyo ngokuma kukaKristu empilweni eyandulela eyasemhlabeni: wayenoNkulunkulu, wayenguNkulunkulu, futhi wayengumdali wezinto zonke. Wazalwa enyameni njengeNdodana eZelwe Yodwa kaBaba. UJohane ulandela ukuhamba kukaJesu njengomfundisi, egcizelela kakhulu ukuthi usuka kuNkulunkulu kanye nokuvuka Kwakhe kwabafileyo. Uyaqinisa ngokucacileyo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, okufakazelwa yizimangaliso, wofakazi, ngabaphrofethi, kanye nangezwi likaKristu uqobo. UJohane ufundisa ngokuhlukanisa ukukhanya kanye nobumnyama, iqiniso kanye nephutha, okuhle kanye nokubi, uNkulunkulu kanye nodeveli. Mhlawumbe awukho omunye umbhalo lapho ubungcwele bukaJesu kanye nokungabinalo ukholo kwababusi bamaJuda kushiwo khona ngokucacileyo.

UJohane wabhala ngobufundisi bukaKristu imvama eJudiya, ikakhulukazi izinsuku eziyikhombisa zokugcina zobufundisi Bakhe basemhlabeni, kanti uMathewu, uMarku, kanye noLuka babhala imvama ngobufundisi Bakhe eGalile. Kunezinto eziningana kuleliVangeli esezicaciswe yisambulo sezinsuku zokugcina (Mf&V 7 kanye neMf&V 88:138–141).

Ukuze uthole uhla lwezehlakalo empilweni yomSindisi ezichazwe eNcwadini kaJohane, bheka UkuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.

Incwadi yesaMbulo