Amasu Okufunda
Inyoka yethusi


Inyoka yethusi

Yinyoka yethusi eyenziwa nguMose ngokuyalelwa nguNkulunkulu ukuze elaphe abakwa-Israyeli ababelunywe yizinyoka ezinesihluku (izinyoka ezinobuthi) ehlane (Num. 21:8–9). Lenyoka yethusi yayinanyatheliswe ensikeni futhi “yaphakanyiswa ukuze lowo oyoyibheka aphile” (Alima 33:19–22). INkosi yabhekisa ekuphakanyisweni kwenyoka ehlane njengophawu Lwakhe ephakanyiswa esiphambanweni (Joh. 3:14–15). Isambulo sezinsuku zokugcina siyayiqinisa indaba yezinyoka ezinesihluku futhi nokuthi abantu basinda kanjani (1 Nefi 17:41; 2 Nefi 25:20; Hel. 8:14–15).