Amasu Okufunda
Jakobe, umfowabo weNkosi


Jakobe, umfowabo weNkosi

ETestamenteni eliSha, ngumfowabo weNkosi, (Gal. 1:19) kanye nokaJosefa, nokaSimoni, nokaJuda, nodadewabo abathile (Math. 13:55–56; Marku 6:3; Juda 1:1). Wayaziwa futhi njengoJakobe oLungileyo futhi wayesesikhundleni esibalulekile eBandleni eJerusalema (IzE. 12:17; 15:13; Ⅰ Kor. 15:7; Gal. 2:9–12). Sengathi wabhala incwadi kaJakobe.

Incwadi kaJakobe

Yincwadi eTestamenteni eliSha. Ekuqaleni kwakuyincwadi eyayibhalelwe izizwana ezilishumi nambili zakwa-Israyeli ezazihlakazekile ndawozonke futhi sengathi yabhalwa eJerusalema. Lencwadi iqukethe izinto ezicacile ezishiwoyo ngenkolo enokwenzeka, kuhlanganisa neseluleko esibalulekile esahlukweni 1 sokuthi uma umuntu eswele ukuhlakanipha, kufanele acele uNkulunkulu ukuze athole usizo (Jak. 1:5–6; JS—uMl. 1:9–20). Isahluko 2 siphathelene nokukholwa kanye nemisebenzi. Izahluko 3–4 zikhuluma ngesidingo sokulawula ulimi futhi ziyala abaNgcwele ukuba bangakhulumi okubi omunye komunye. Isahluko 5 sikhuthaza abaNgcwele ukuba babe nokubekezela futhi nokuba babize amagosa uma begula; sifundisa futhi nangezibusiso zokusiza ukuguqula abanye.