Amasu Okufunda
UmPhongolo wesiVumelwano


UmPhongolo wesiVumelwano

Waziwa futhi njengomPhongolo kaJehova futhi njengomPhongolo wobuFakazi, umPhongolo wesiVumelwano kwakungumphongolo owawunezinhlangothi ezine nama-angela ayisikwele onke noma kwakuyibhokisi elalenziwe ngokhuni elalimbozwe ngegolide. Lolu phawu kwakungoludala kakhulu futhi kungolungcwele kakhulu kuzo zonke izimpawu zenkolo zakwa-Israyeli. IsiHlalo soMusa esasiwu sibekele sasithathwa njengendawo yokuhlala yasemhlabeni kaJehova (Eks. 25:22). Kwathi uma seliphelile ithempeli, umphongolo wabekwa eNgcwele-Ngcwele, indawo engcwele kakhulu kuleso sakhiwo (Ⅰ AmaKh. 8:1–8).