Amasu Okufunda
IziNcwadi kwabaseThesalonika


IziNcwadi kwabaseThesalonika

Yizincwadi ezimbili eTestamenteni eliSha. Ekuqaleni kwakuyizincwadi uPawulu azibhalela abaseThesalonika ngesikhathi eseKorinte ngesikhathi sokuhambela kwakhe kokuqala eYurophu cishe ngonyaka ka 50 emuva kukaKristu. Umsebenzi wakhe eThesalonika uchazwe eZenzweni 17. UPawulu wayefuna ukubuyela eThesalonika kodwa akakwazanga ukukwenza lokho (Ⅰ Thes. 2:18). Ngakho-ke wathumela uThimothewu ukuba ayothokozisa abaphenduki futhi amazise ukuthi babeqhuba kanjani. UPawulu wabhala incwadi yokuqala njengomphumela wokubonga kwakhe ngokubuya kukaThimothewu.

AbaseThesalonika bokuQala

Izahluko 1–2 ziqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye nomkhuleko wakhe wabaNgcwele; izahluko 3–5 zinika umyalelo ngokukhula ngokomoya, uthando, ubumsulwa, inkuthalo, kanye nangokuZa kwesiBili kukaJesu Kristu.

AbaseThesalonika besiBili

Isahluko 1 siqukethe umkhuleko wabaNgcwele. Isahluko 2 sikhuluma ngokuhlubuka okuzayo. Isahluko 3 siqukethe umkhuleko kaPawulu wokunqoba komgomo wevangeli.