Amasu Okufunda
UmShumayeli


UmShumayeli

Yincwadi eTestamenteni eliDala equkethe imicabango ngezinye zezinkinga ezijulile zempilo.

Umbhali wencwadi, umShumayeli, ubhala okuningi encwadini okungombono walabo abangenalo ulwazi lwevangeli. Ubhala ngokwemizwa yabantu basemhlabeni—okungukuthi, labo aba “phansi kwelanga” (Shum. 1:9). Okuningi encwadini kubonakala sengathi kuyaphikisa futhi kubonwa okubi kodwa (Shum. 9:5, 10). Lena akuyona indlela iNkosi efuna siyibuke ngayo impilo kodwa ithanda sibone ukuthi umShumayeli ubuka ukuthi izinto zibonakala kanjani kubantu abangakhanyiselwe emhlabeni. Inxenye yencwadi ethinta izinto zomoya kakhulu isezahlukweni 11 no 12, lapho umbhali ephetha ngokuthi okuyiyona into kuphela ebaluleke kakhulu wukuhlonipha imiyalelo kaNkulunkulu.