Amasu Okufunda
Isahlukaniso


Isahlukaniso

Wukuqedwa komshado ngamandla omthetho kahulumeni noma wabefundisi. NgokweTestamente eliSha, uNkulunkulu wasivumela isahlukaniso ngaphansi kwezimo ezithize ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabantu; kodwa, njengoba uJesu achaza, “kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo” (Math. 19:3–12). Imibhalo engcwele ngokujwayelekile ayisikhuthazi isahlukaniso futhi yeluleka abayeni nomkabo ukuba bathandane ngokulunga (Ⅰ Kor. 7:10–12; Mf&V 42:22).