Amasu Okufunda
INcwadi yabeHluleli


INcwadi yabeHluleli

Yincwadi eTestamenteni eliDala. Incwadi yabeHluleli iphathelene nabakwa-Israyeli kusuka ekufeni kukaJoshuwa kuze kube wukuzalwa kukaSamuweli.

Izahluko 1–3 ziyisandulela encwadini yonke yabaHluleli. Zichaza ukuthi ngenxa yokuthi abakwa-Israyeli abazange bazixoshe izitha zabo (AbAhl. 1:16–35), abakwa-Israyeli kufanele bezwe imiphumela yalokho: ukulahlekelwa wukholo, yimishado nabangakholwa, kanye nokukhonza izithixo. Izahluko 4–5 zikhuluma ngokwenzeka kuDebora kanye nakuBaraki, abakhulula abakwa-Israyeli kumaKhanani. Izahluko 6–8 zingokwenzeka kuGideyoni okuqinisa ukholo, iNkosi eyambusisa ukuba akhulule abakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani. Ezahlukweni 9–12, amadoda amaningana ehlukene asebenza njengabahluleli kwa-Israyeli ngesikhathi abaningi bakwa-Israyeli babehlubukile futhi bebuswa ngababusi bangaphandle. Izahluko 13–16 zikhuluma ngokuphakama kanye nokuwa komahluleli wokugcina, uSamsoni. Izahluko zokugcina, u17–21, zingachazwa njengesithasiselo esiveza ukujula kwezono zabakwa-Israyeli.