Amasu Okufunda
Isambulo sikaJohane


Isambulo sikaJohane

Yincwadi yokugcina eTestamenteni eliSha, enesambulo esanikwa uJohane umPhostoli. Wavunyelwa ukuba abone umlando womhlaba, ikakhulukazi izinsuku zokugcina (IsAmb. 1:1–2; 1 Nefi 14:18–27; Mf&V 77). Isambulo sikaJohane saziwa futhi ngokuthi yi-Aphokalipse.

UJohane wathola lesi sambulo ngosuku lweNkosi esiqhingini sasePhatmose (IsAmb. 1:9–10), maduzane nogu lwase-Eshiya, olungekude nase-Efesu. Usuku okuyilo uqobo lwesambulo alwaziwa.

Izikhiye zokuqonda lencwadi zifakiwe ku 1 Nefi 14:18–27 kanye nakwiMfundiso neziVumelwano 77 (Etere 4:15–16).

Izahluko 1–3 ziyisingeniso encwadini futhi ziyizincwadi ezibhekiswe emabandleni ayisikhombisa ase-Eshiya. UJohane wabhala lezi zincwadi ukuze asize abaNgcwele baxazulule izinkinga ezithile. Izahluko 4–5 zibhale imibono eyatholwa nguJohane ekhombisa ubukhosi kanye namandla alungileyo kaNkulunkulu kanye noKristu. Ezahlukweni 6–9, 11, uJohane wabhala ngokubona incwadi ivalwe ngezisicilelo eziyisikhombisa, isisicilelo ngasinye simele iminyaka eyinkulungwane yomlando wezikhathi zomhlaba. Lezi zahluko ziphathelene ikakhulukazi nezehlakalo eziqukethwe kusisicilelo sesikhombisa (bheka IsAmb. 8–9; 11:1–15). Isahluko 10 sichaza ngencwadi uJohane ayidla. Lencwadi imele umsebenzi wokufundisa ivangeli wesikhathi esizayo ayeyowenza. Isahluko 12 sibhale ngombono wobubi obaqala ezulwini ngesikhathi uSathane ehlubuka futhi ephonswa ngaphandle. Impi eyaqala lapho iyaqhubeka emhlabeni. Ezahlukweni 13, 17–19, uJohane wachaza ngembuso yasemhlabeni ekhohlakeleyo elawulwa nguSathane futhi wabhala nezimiselo zayo, kuhlanganisa nokubhujiswa kokugcina kobubi. Izahluko 14–16 zichaza ngokulunga kwabaNgcwele phakathi kobubi ngaphambi nje kokuZa kwesiBili kukaKristu. Izahluko 20–22 zichaza ngemiNyaka eyiNkulungwane, umuzi omuhle weJerusalema eNtsha, kanye nezehlakalo zokugcina zomlando womhlaba.