Amasu Okufunda
Herode


Herode

Wumndeni wababusi eJudiya maduzane nesikhathi sikaJesu Kristu. Kwakungabantu ababalulekile ezehlakalweni eziningi zeTestamente eliSha. Lomndeni waqalwa nguHerode iNkosi, owayesaba ukuzalwa kuka mSindisi (Math. 2:3) futhi nowathi makubulawe abantwana eBetlehema. Amadodana akhe kwakungu Arisitobulu; Herodiya umkaFiliphu (Math. 14:3; Marku 6:17); uHerode Antipasi, umtetraki (Math. 14:1; Luka 9:7; owayaziwa futhi ngokuthi yiNkosi uHerode, Marku 6:14); u-Arkelawu (Math. 2:22) kanye noFiliphu, umtetraki wase Itureya (Luka 3:1). UHerode Agripha (IzE. 12:1–23) kanye nodadewabo uHerodiya (Math. 14:3; Marku 6:17) babengabantwana ba Aristobulu. UHerode Agripha wayenabantwana abambalwa abaphathwayo eTestamenteni eliSha, noHerode Agripha (IzE. 25:13), noBernike (IzE. 25:13), kanye no Drusila, umka Feliksi (IzE. 24:24).