Amasu Okufunda
INcwadi kwabase-Efesu


INcwadi kwabase-Efesu

ETestamenteni eliSha, yincwadi eyabhalwa ngumPhostoli uPawulu kwabaNgcwele abase-Efesu. Incwadi ibalulekile kakhulu, ngoba iqukethe izimfundiso zikaPawulu ngeBandla likaKristu.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo esejwayelekile. Izahluko 2–3 zichaza ngoshintsho olubakhona kubantu uma beba ngamalungu eBandla-baba mbuso munye nabaNgcwele, nabeZizwe futhi nabaJuda behlangene eBandleni elilodwa. Izahluko 4–6 zichaza ngezindima zabaPhostoli nabaphrofethi, isidingo sokuba munye, nesidingo sokwembatha isivikelo sonke sikaNkulunkulu.