Amasu Okufunda
Ukukhethwa


Ukukhethwa

Ngenxa yokufanelwa kwasempilweni eyandulela eyasemhlabeni, uNkulunkulu wabakhetha labo ababezoba yinzalo ka-Abrahama futhi nendlu ka-Israyeli futhi nokuba babe ngabantu besivumelwano (Dut. 32:7–9; Abr. 2:9–11). Laba bantu banikwa izibusiso futhi nemisebenzi ethize ukuze bakwazi ukubusisa zonke izizwe zomhlaba (Roma 11:5–7; Ⅰ Petru 1:2; Alima 13:1–5; Mf&V 84:99). Kodwa, ngisho nalaba abakhethiweyo kufanele babizwe futhi bakhethwe kulempilo ukuze bazuze insindiso.