Amasu Okufunda
Uphawu


Uphawu

Yisehlakalo noma okubonwayo abantu abakuqonda njengokubonakalayo noma ubufakazi bento ethile. Uphawu luvame ukuba yisibonakaliso esiyisimangaliso esivela kuNkulunkulu. USathane naye unamandla okukhombisa izimpawu ngaphansi kwezimo ezithile. AbaNgcwele kufanele bafune izipho zikaMoya kodwa akufanele bafune izimpawu ukuze banelise ukufisa ukwazi okufihlekileyo noma ukuze basekele ukholo. Esikhundleni salokho, iNkosi izonika izimpawu njengoba ibona kufanele kulabo abakholwayo (Mf&V 58:64).