Amasu Okufunda
ISidlo esiNgcwele


ISidlo esiNgcwele

NgokwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, isidlo esingcwele sisho isimiso sokudla isinkwa nokuphuza amanzi ukukhumbula umnikelo kaKristu ohlawulayo. Isinkwa esihleshuliweyo simele umzimba wakhe ohleshuliweyo; amanzi amele igazi alichitha ukuze ahlawulele izono zethu (Ⅰ Kor. 11:23–25; Mf&V 27:2). Ngesikhathi amalungu eBandla afanelekile ethatha isidlo esingcwele, ethembisa ukwemukela igama likaKristu, ukuhlala emkhumbula njalo, futhi nokugcina imiyalelo Yakhe. Ngalesi simiso, amalungu eBandla ayasivuselela kabusha isivumelwano sawo sombhabhadiso.

NgeNdlakusihlwa yokuGcina, uJesu wasichaza isimiso sesidlo esingcwele ngesikhathi edla nabaPhostoli abaliShumi namBili (Math. 26:17–28; Luka 22:1–20).