Amasu Okufunda
Nauvoo, Illinois (eMelika)


Nauvoo, Illinois (eMelika)

Wumuzi owamiswa ngabaNgcwele beziNsuku zokuGcina ngonyaka ka1839 esifundazweni sase-Illinois. Litholakala eMfuleni iMississippi, cishe amakhilomitha angamakhulu amathathu namashumi amabili phezulu nomfula ukusuka eSt. Louis.

Ngenxa yokuhlushwa esifundeni saseMissouri, abaNgcwele bahamba cishe amakhilomitha angamakhulu amathathu namashumi amabili ukuya enyakatho engasempumalanga, bewela uMfula iMississippi, futhi beya e-Illinois, lapho bathola khona izimo ezivumayo. Ekugcineni, abaNgcwele bathenga umhlaba maduzane nomuzi waseCommerce. Lomhlaba cishe wonke wawuyihlane elinamaxhaphozi kanye nezakhiwo ezingenalutho. AbaNgcwele bawomisa umhlaba futhi bamisa amakhaya. UJoseph Smith wayisa umndeni wakhe ekhayeni elincane lezingodo. Igama lomuzi waseCommerce lashintshwa laba yiNauvoo, okuyigama lesiHeberu elisho “okuhle.”

Izigaba ezahlukene zeMfundiso neziVumelwano zabhalwa eNauvoo (Mf&V 124–129; 132; 135). AbaNgcwele batshelwa ukuthi mabakhe ithempeli eNauvoo (Mf&V 124:26–27). Balakha ithempeli futhi bahlela izikhonkwane zeSiyoni ngaphambi kokuba baxoshwe emakhaya abo ngonyaka ka1846. Ngenxa yalokhu kukhathazwa, abaNgcwele bayishiya lendawo futhi baya entshonalanga.