Amasu Okufunda
Ukuphinga


Ukuphinga

Wukuhlangana kwabesilisa nabesifazane ngokuya ocansini okungekho emthethweni. Nakuba ukuphinga ngokujwayelekile kusho ukulalana phakathi komuntu oshadile nomunye ongeyena ashade naye noma aganene naye, emibhalweni engcwele kubhekiswe nakulabo abangashadile.

Kwesinye isikhathi ukuphinga kusetshenziswa njengophawu lokuhlubuka kwesizwe noma kwabantu bonke ezindleleni zeNkosi (Num. 25:1–3; Jer. 3:6–10; Hez. 16:15–59; Hos. 4).