Amasu Okufunda
Ukuvumelana


Ukuvumelana

Ngumgomo amalungu eBandla asekela ngawo labo ababiziwe ukuba basebenze eBandleni, futhi asekela ngawo izinqumo zeBandla ezidinga ukusekelwa yibo, ngokuvamile okukhonjiswa ngokuphakamisa isandla sokunene.

UJesu Kristu umi njengenhloko yeBandla Lakhe. Ngokubahola ngoMoya oNgcwele, ubonisa abaholi beBandla ezenzweni kanye nasezinqumweni ezibalulekile. Kodwa, wonke amalungu eBandla anegunya futhi nelungelo lokusekela noma lokungasekeli izenzo kanye nezinqumo zabaholi babo.