Amasu Okufunda
Harmagedoni


Harmagedoni

Igama elithi Harmagedoni lithathelwe kwelesiHeberu elithi Har Megiddon, okusho ukuthi “intaba yaseMegidoni.” Isigodi saseMegidoni sisenxenyeni engasentshonalanga yethafa lase-Esdraloni, ibanga elingamamayela angamashumi amahlanu (amakhilomitha angamashumi ayisishiyagalombili) enyakatho neJerusalema, futhi yilapho okwalwelwa khona izimpi ezimbalwa ezibalulekile ngezikhathi zeTestamente eliDala. Impi enkulu futhi neyokugcina eyokwenzeka sekusondele isikhathi sokuZa kwesiBili kweNkosi ibizwa ngokuthi yimpi yaseHarmagedoni ngoba iyoqala kuzo lezo zindawo. (Bheka ku Hez. 39:11; Zak. 12–14, ikakhulu ku 12:11; IsAmb. 16:14–21.)