Amasu Okufunda
Levitikusi


Levitikusi

Yincwadi eTestamenteni eliDala ekhuluma ngokwakufanele kwenziwe ngabaphristi kwa-Israyeli. Igcizelela ubungcwele bukaNkulunkulu kanye nenhlanganisela yemithetho abantu Bakhe ababengaphila ngayo ukuze babe ngcwele. Inhloso yayo wukufundisa ngeziyalo zemithetho yokulunga kanye namaqiniso enkolo omthetho kaMose ngezenzo zokholo. UMose wayibhala incwadi kaLevitikusi.

Izahluko 1–7 zichaza ngezimiso zeminikelo. Izahluko 8–10 zichaza ngesenzo senkolo esigcinwayo uma kungcweliswa abaphristi. Isahluko 11 sichaza okufanele noma okungafanele kudliwe futhi nokuthi yikuphi okuhlanzekile nokungahlanzekile. Isahluko 12 sikhuluma ngabesifazane emuva kokuzala. Izahluko 13–15 yimithetho ephathelene nemikhuba engahlanzekile. Isahluko 16 siqukethe isenzo sokholo okufanele sigcinwe ngoSuku lweNhlawulo. Izahluko 17–26 ziqukethe inhlanganisela yemithetho ephathelene nokufanele kugcinwe enkolweni kanye naphakathi kwabantu. Isahluko 27 sichaza ukuthi iNkosi yayala abakwa-Israyeli ukuba banikele ngezivuno zabo kanye nangemihlambi yabo eNkosini.