Amasu Okufunda
IziNcwadi kuThimothewu


IziNcwadi kuThimothewu

Yizincwadi ezimbili eTestamenteni eliSha. Zombili ekuqaleni kwakuyizincwadi uPawulu azibhalela uThimothewu.

UThimothewu wokuQala

UPawulu wabhala lencwadi yokuqala emuva kokuvalelwa kwakhe etilongweni kokuqala. Wayeshiye uThimothewu e-Efesu, ehlose ukuba abuyele emuva kwalokho (Ⅰ Thim. 3:14). Kodwa, uPawulu wayecabanga ukuthi wayezobambezeleka, ngakho-ke wambhalela uThimothewu, mhlawumbe eseMakedoniya (Ⅰ Thim. 1:3), ukuze ameluleke futhi amkhuthaze ekutheni afeze umsebenzi wakhe.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye futhi nemiyalo yakhe maqondana nokucabanga okuwubuwula okwase kuqala ukungena eBandleni. Izahluko 2–3 zinika iziyalelo ngokukhonza kwabantu bonke futhi nangesimilo kanye nangokuziphatha kwabefundisi. Izahluko 4–5 ziqukethe incazelo yokuhlubuka kwezinsuku zokugcina kanye neseluleko kuThimothewu sokuthi kufanele abasebenzele kanjani labo ayebahola. Isahluko 6 yisiyalo sokuba bathembeke futhi bagweme ingcebo yomhlaba.

UThimothewu wesiBili

UPawulu wabhala incwadi yakhe yesibili ngesikhathi sokuvalelwa kwakhe etilongweni kwesibili, masinyane nje ngaphambi kokubulawelwa kwakhe ukholo. Iqukethe amazwi okugcina aloMphostoli futhi ikhombisa isibindi esimangalisayo kanye nethemba ayebhekana ngalo nokufa.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye nesiyalo kuThimothewu. Izahluko 2–3 zinika izexwayiso kanye neziyalelo ezinhlobonhlobo, nenselele yokubhekana nobungozi obungaphambili. Isahluko 4 singumyalezo kubangani baPawulu, siqukethe iseluleko ngokuthi kufanele baphathwe kanjani abahlubuki.