Amasu Okufunda
Jaromu


Jaromu

ENcwadini kaMormoni, yindodana kaEnoshe futhi nomzukulwana kaLehi. Wagcina imibhalo yamaNefi iminyaka engamashumi ayisithupha, kusuka ngonyaka wamakhulu amane namashumi amabili kuya kwengamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanye ngaphambi kukaKristu (Enoshe 1:25; Jaromu 1:13). Wayeyindoda eyayethembekile eyakhetha ukungabhali okuningi emibhalweni yemilando (Jaromu 1:2).

Incwadi kaJaromu

Kukhona amavesi ayishumi nanhlanu kuphela kulencwadi eseNcwadini kaMormoni. UJaromu wabhala ukuthi amaNefi aqhubeka nokuphila ngomthetho kaMose futhi ay elangazelela ukuza kukaKristu. Babeholwa ngamakhosi ayengamadoda okholo ayenamandla. Babeba nempumelelo uma benaka abaphrofethi babo, abaphristi, kanye nabafundisi.