Amasu Okufunda
Meshaki


Meshaki

ETestamenteni eliDala, uShadiraki, uMeshaki, kanye no-Abedi-Nego kwakungabafana bakwa-Israyeli, ndawonye noDaniyeli, abalethwa endlini yobukhosi kaNebukadinesari, inkosi yaseBabiloni. Igama likaMeshaki lesiHeberu kwakunguMishayeli. Abafana bobane benqaba ukuzingcolisa ngokuthatha inyama kanye newayini lenkosi (Dan. 1). UShadiraki, uMeshaki, kanye no-Abedi-Nego baphonswa esithandweni somlilo yinkosi kodwa basinda ngesimangaliso (Dan. 3).