Amasu Okufunda
Ukuguqulwa


Ukuguqulwa

Yisimo sabantu abashintshiwe okwesikhashana ngendlela ababonakala ngayo kanye nangesimilo—okungukuthi, abaphakanyiselwa ezingeni eliphakeme ngokomoya—ukuze bakwazi ukubekezelela ukuba-khona kanye nenkazimulo yabantu basezulwini.

Ukuguqulwa kukaKristu

UPetru, uJakobe, kanye noJohane bayibona iNkosi ikhazimulisiwe futhi iguquliwe phambi kwabo. UmSindisi phambilini wayethembisile ukuthi uPetru wayezothola izikhiye zombuso wasezulwini (Math. 16:13–19; 17:1–9; Marku 9:2–10; Luka 9:28–36; Ⅱ Petru 1:16–18). Kulesi sehlakalo esibalulekile, umSindisi, uMose, kanye no-Eliyasi (u-Eliya) banika izikhiye ezithenjisiweyo zobuphristi kuPetru, kuJakobe, kanye nakuJohane. Benalezi zikhiye zobuphristi, abaPhostoli babenamandla okuqhubeka nomsebenzi wombuso emuva kokweNyuka kukaJesu.

UJoseph Smith wafundisa ukuthi eNtabeni yokuGuqulwa, uPetru, uJakobe, kanye noJohane nabo baguqulwa. Babona umbono womhlaba njengoba uyobonakala esimweni sawo esikhazimulisiwe esizayo (Mf&V 63:20–21). Babona uMose kanye no-Eliya, abantu ababili abaguquliweyo, futhi bezwa izwi likaBaba. UBaba wathi, “Lena yiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yizweni” (Math. 17:5).

Abantu abaguquliweyo