Amasu Okufunda
Enoke


Enoke

Ngumphrofethi owahola abantu bomuzi waseSiyoni. Ubufundisi bakhe kukhulunywa ngabo eTestamenteni eliDala futhi nakwiGugu leNani eliKhulu. Wayengumphatriyakhe wesikhombisa ngemuva kuka-Adamu. Wayeyindodana kaJarede futhi engubaba kaMetushela (Gen. 5:18–24; Luka 3:37).

U-Enoke wayengumuntu omkhulu futhi wayenobufundisi obukhulu kunokuboniswa yindaba yakhe emfishane eseBhayibhelini. IBhayibheli liyakubhala ukuthi waguqulwa (Heb. 11:5) kodwa alinikezi imininingwane yobufundisi bakhe. Incwadi kaJuda 1:14 iqukethe impinda yesiphrofetho asenza. Isambulo sezinsuku zokugcina sichaza okuningi ngo-Enoke, ikakhulukazi ngokushumayela kwakhe, ngomuzi wakhe obizwa ngeSiyoni, ngemibono yakhe, futhi nangeziphrofetho zakhe (Mf&V 107:48–57; Mose 6–7). ISiyoni yathathwa yasiwa ezulwini ngenxa yokulunga kwalabo ababehla kuyo (Mose 7:69).