Amasu Okufunda
Simeyoni


Simeyoni

ETestamenteni eliDala, yindodana yesibili kaJakobe kanye nomkakhe uLeya (Gen. 29:33; 35:23; Eks. 1:2). Wazihlanganisa noLevi ekubulaleni abakwaShekemi (Gen. 34:25–31). Isiphrofetho sikaJakobe ngoSimeyoni sitholakala kuGenesise 49:5–7.

Isizwana sikaSimeyoni

Uzalo lukaSimeyoni lwaluvame ukuhlala nesizwana sikaJuda futhi ngaphakathi kwemingcele yombuso wakwaJuda (Josh. 19:1–9; Ⅰ IziKr. 4:24–33). Isizwana sikaSimeyoni sazihlanganisa noJuda empini kuliwa namaKhanani (AbAhl. 1:3, 17). Kamuva babuye bazihlanganisa namabutho kaDavide (Ⅰ IziKr. 12:25).