Amasu Okufunda
Asa


Asa

ETestamenteni eliDala, yinkosi yesithathu yakwaJuda. Emibhalweni engcwele kubhalwe ukuthi “inhliziyo ka-Asa yayiseNkosini ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe” (Ⅰ AmaKh. 15:14). Ngesikhathi sokubusa kwakhe wakhuphula izinga lokuqeqesheka kwamabutho, wachitha ijoka lamaKushe, wasusa izithixo zamanga, futhi wamema abantu ukuba benze isivumelwano sokufuna uJehova (Ⅰ AmaKh. 15–16; Ⅱ IziKr. 14–16). Kodwa, kwathi uma esenesifo sasezinyaweni, akazange afune usizo eNkosini futhi wafa (Ⅰ AmaKh. 15:23–24; Ⅱ IziKr. 16:12–13).