Amasu Okufunda
Umbuso kaNkulunkulu noma umBuso waseZulwini


Umbuso kaNkulunkulu noma umBuso waseZulwini

Umbuso kaNkulunkulu osemhlabeni yiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina (Mf&V 65). Inhloso yeBandla wukulungiselela amalungu alo ukuba aphile njalonjalo embusweni wesilestiyali noma embusweni wasezulwini. Kodwa, imibhalo engcwele kwesinye isikhathi ibiza iBandla njengombuso wasezulwini, okusho ukuthi iBandla ngumbuso wasezulwini osemhlabeni.

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina wumbuso kaNkulunkulu osemhlabeni, kodwa okwamanje likhawuliselwe embusweni wabefundisi. Ngesikhathi semiNyaka eyiNkulungwane, umbuso kaNkulunkulu uzoba ngowezokuphathwa kwezwe kanye nowabefundisi.