Amasu Okufunda
Hlenga, Ohlengiweyo, Ukuhlengwa


Hlenga, Ohlengiweyo, Ukuhlengwa

Wukukhulula, wukuthenga, noma wukuhlenga, njengokukhulula umuntu ebugqilini ngenkokhelo. Ukuhlengwa kubhekiswe eNhlawulweni kaJesu Kristu kanye nasekukhululweni esonweni. INhlawulo kaJesu ihlenga bonke abantu ekufeni komzimba. NgeNhlawulo Yakhe, labo abanokholo Kuye futhi nabaphendukayo bayahlengwa futhi ekufeni ngokomoya.