Amasu Okufunda
Amose


Amose

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala owayephrofetha kusukela cishe eminyakeni engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalolunye nambili kuya kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amane ngaphambi kokuzalwa kukaKristu ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, noJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli.

Incwadi ka-Amose

Yincwadi eTestamenteni eliDala. Eziningi iziphrofetho zika-Amose zexwayisa u-Israyeli nezizwe zakhe ezakhelene naye ukuba abuyele ekulungeni.

Ezahlukweni 1–5 kubizwa u-Israyeli nezizwe ezakhelene naye ukuba aphenduke. Esahlukweni 3 kuchazwa ukuthi iNkosi yembula izimfihlo Zayo kubaphrofethi nokuthi ngenxa yokuphambuka, u-Israyeli uzobhujiswa yisitha. Ezahlukweni 6–8 kuphrofethwa ngokuwa kuka-Israyeli iminyaka eminingi ngaphambi kokuhlaselwa yizwe lase-Asiriya. Esahlukweni 9 kuphrofethwa ngokuthi u-Israyeli uzobuyiselwa ezweni lakhe.