Amasu Okufunda
Ukuzila ukudla, Zila ukudla


Ukuzila ukudla, Zila ukudla

Wukuyeka ngokuzenzela ukudla noma ukuphuza ngenhloso yokusondela eNkosini futhi nokucela izibusiso Zayo. Uma abantu ngabanye futhi namaviyo ezila ukudla, kufanele futhi akhuleke ukuze aqonde intando kaNkulunkulu futhi ukuze akhulise amandla omoya. Ukuzila ukudla yilokhu kwaba wumkhuba wabakholwayo beqiniso.

EBandleni namhlanje, usuku olulodwa lweSabatha enyangeni ngayinye lubekwa eceleni ngenhloso yokuzila ukudla. Ngalesi sikhathi, amalungu eBandla aphila ngaphandle kokudla noma amanzi isikhathi esithile. Emva kwalokho banikela eBandleni ngemali abebezoyichitha kulokho kudla. Lemali ibizwa ngokuthi wumnikelo wokuzila ukudla. IBandla lisebenzisa iminikelo yokuzila ukudla ukuze lisize abampofu kanye nabasweleyo.