Amasu Okufunda
AmaSamariya


AmaSamariya

Ngabantu basebhayibhelini ababehlala eSamariya emuva kokuba umbuso wakwa-Israyeli ongasenyakatho wathunjwa ngama-Asiriya. AmaSamariya nganhlanye ayengabakwa-Israyeli futhi nganhlanye engabeZizwe. Inkolelo yabo yayixube izinkolelo kanye nemikhuba yamaJuda kanye neyabahedeni. Umfanekiso womSamariya olungileyo kuLuka 10:25–37 ukhombisa inzondo amaJuda ayese nayo ngamaSamariya ngoba amaSamariya ayesehlubukile enkolweni yabakwa-Israyeli. INkosi yayalela abaPhostoli ukuba bafundise amaSamariya ivangeli (IzE. 1:6–8). UFiliphu washumayela ivangeli likaKristu ngempumelelo kubantu baseSamariya futhi wenza izimangaliso eziningi phakathi kwabo (IzE. 8:5–39).