Amasu Okufunda
Asiriya


Asiriya

Umbuso wasemandulo, kanye nembangi yawo iBabiloni, owawubusa amazwe amaningi aseSiriya futhi nePalestina ezikhathini eziningi zeTestamente eliDala. Nakuba ama-Asiriya kwakuyisizwe esasinamandla kusuka cishe eminyakeni eyinkulungwane nekhulu namashumi amahlanu ngaphambi kokuzalwa kukaKristu kuze kube cishe eminyakeni engamakhulu ayisikhombisa ngaphambi kokuzalwa kukaKristu, awakwazanga ukwakha umkhandlu ophetheyo oqinile. Babebusa ngokwesabisa, benqoba izitha zabo ngomlilo nangenkemba noma bazithene amandla ngokudingisa inxenye enkulu yabantu kwezinye izingxenye zombuso wabo. Abantu ababe ngaphansi kombuso wama-Asiriya babehlala njalo belwa nombuso. (Bheka Ⅱ AmaKh. 18–19; Ⅱ IziKr. 32; Isaya 7:17–20; 10; 19; 37.)