Amasu Okufunda
AbaFarisi


AbaFarisi

ETestamenteni eliSha, yiviyo lenkolo phakathi kwamaJuda igama lalo elikhomba ukuthi bahlukene noma banganhlanye. AbaFarisi babeziqhenya ngokugcina umthetho kaMose ngokuqinile futhi nokugwema noma yini ehlangene nabeZizwe. Babekholelwa empilweni emva kokufa, uVuko, kanye nokuba khona kwezingelosi kanye nemimoya. Babekholelwa wukuthi umthetho okhulunywe ngomlomo kanye nesiko lemvelo kwakubaluleke ngokufanayo njengemithetho ebhaliweyo. Izimfundiso zabo zenza ukuba inkolo ibe wukugcinwa kwemithetho futhi babekhuthaza ukuzikhukhumeza ngokomoya. Benza ukuba amaningi amaJuda amngabaze uKristu kanye nevangeli Lakhe. INkosi yabasola abaFarisi kanye nemisebenzi yabo kuMathewu 23; kuMarku 7:1–23; kanye nakuLuka 11:37–44.