Amasu Okufunda
Hlawula, Inhlawulo


Hlawula, Inhlawulo

Wukubuyisana komuntu noNkulunkulu.

Emibhalweni engcwele, ukuhlawula wukuzwa ubuhlungu besijeziso sesenzo sesono, ngalokho kususwe imiphumela yesono kumoni ophendukileyo futhi avunyelwe ukuba abuyisane noNkulunkulu. UJesu Kristu nguye kuphela owayekwazi ukwenza inhlawulo ephelele du yabo bonke abantu. Wayekwazi ukwenza lokho ngenxa yokukhethwa nokugcotshwa Kwakhe ngaphambilini emKhandlwini omKhulu ngaphambi kokwenziwa komhlaba (Etere 3:14; Mose 4:1–2; Abr. 3:27), nangenxa yokuba yiNdodana kaNkulunkulu, futhi nempilo Yakhe emsulwa. INhlawulo Yakhe kwaba wukuzwa ubuhlungu ngenxa yezono zabantu, wukuchitheka kwegazi Lakhe, wukufa Kwakhe futhi nokwalandelwa wukuvuka Kwakhe ethuneni (Isaya 53:3–12; Luka 22:44; Mosiya 3:5–11; Alima 7:10–13; Mf&V 19:16–19). Ngenxa yenHlawulo, bonke abantu bayovuka kwabafileyo benemizimba engafi (Ⅰ Kor. 15:22). INhlawulo iphinde ivule indlela yokuthi sixolelwe izono zethu futhi nokuthi siphile noNkulunkulu ingunaphakade. Kodwa umuntu osefike ebudaleni bokukwazi ukuziphendulela futhi nosamukele umthetho angazithola lezi zibusiso kuphela uma enokholo kuJesu Kristu, ephenduka ezonweni zakhe, emukela izimiso zensindiso, futhi ethobela imiyalelo kaNkulunkulu. Labo abangafiki ebudaleni bokukwazi ukuziphendulela futhi nalabo abangenawo umthetho bayahlengwa ngeNhlawulo (Mosiya 15:24–25; Moro. 8:22). Imibhalo engcwele ifundisa ngokucacileyo ukuthi ukuba uKristu akazange ahlawulele izono zethu, akukho mthetho, simiso, namnikelo owawunganelisa izimfuno zokulunga, futhi umuntu wayengeke akwazi ukubuyela kuNkulunkulu (2 Nefi 2; 9).