Amasu Okufunda
UmBono wokuQala


UmBono wokuQala

Wukuvela kukaNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe uJesu Kristu kumPhrofethi uJoseph Smith esixhobeni semithi.

Ngentwasahlobo yangonyaka ka1820, uJoseph Smith omNcane wayephethe unyaka wakhe wobudala weshumi nesihlanu. Wayehlala nomndeni wakhe esigodini sasePalmyra, eNew York. Ibangana elifushane entshonalanga nekhaya lomndeni kwakukhona isixhobo semithi emikhulu. UJoseph waya kulendawo ukuyokhuleka kuNkulunkulu ukuze azi ukuthi yiliphi ibandla okwakuyilo. Wayezwisise kahle ngesikhathi efunda iBhayibheli ukuthi kwakufanele ayifune leyompendulo kuNkulunkulu (Jak. 1:5–6). Ukuphendula umkhuleko wakhe, uBaba kanye neNdodana bavela kuye futhi bamtshela ukuthi makangangeni nakwelilodwa lamabandla angaleso sikhathi ayesemhlabeni, ngoba wonke ayengeyiwo (JS—uMl. 1:15–20). Lesi sehlakalo esingcwele saqala uchungechunge lwezehlakalo ezazizoletha ukuBuyiselwa kwevangeli futhi neBandla leqiniso likaKristu.